Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ukholwa ukuthi umgadli u-Evidence Makgopa unethuba lokuba umgadli osezingeni eliphezulu uma ezoqhubeka nokuzikhandla.
UMakgopa ungomunye wabadlali abagxekwa kakhulu uma iqembu lingenzi kahle kwi-AFCON ebanjelwe e-Ivory Coast.
Lomgadli ubhakuzise inethi okokuqala kulomqhudelwano, beshaya iMorocco ngo 2-0 kwi-last 16. UMakgopa ubengakaze alishaye igoli emidlalweni emithathu yamaqoqo.
Ekhuluma nabezindaba sekuphele umdlalo, uBroos uncome uMakgopa ngegoli alishayile.
“Ngichazile ngesikhathi kuqala i-AFCON ukuthi kubalulekile ukukhula kweqembu uma kuqhubeka umqhudelwano.
INingizimu Afrika ikhulile kulomqhudelwano, sihluliwe koweMali, sawina kwiNamibia, sakwazi nokunqamula ebunzimeni beTunisia.
Sikhombisa ukukhula njalo uma sidlala, okuyinto ebalulekile. UThemba Zwane uqokwe njengomdlali ovelele emidlalweni emibili, namuhla kukhonye uTebogo. Lokhu kuchaza ukuthi siyazikhandla siyiqembu, futhi sinabadlali abakwazi ukwenza umehluko.
UTebogo ushaye ingcwenga ye-free kick negoli likaMakgopa liyancomeka. Angikaze ngilingabaze izinga likaMakgopa, ngiyakholelwa kuyena yize kunabantu abamgxekayo.
UMakgopa engakwazi ukuba umgadli osezingeni uma engazikhandla. Ukhombisile namuhla ngegoli alishayile, usebenza ngokuzikhandla,” kuchaza uBroos.
IBafana izobhekana neCape Verde kuma-quarterfinals ngoMgqibelo eYamoussoukro.
Iqembu elizonqoba lizotholana nelizowina phakathi kwe-Angola neNigeria komunye umdlalo.