Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi akaboni kuwumqondo ophusile ukubiza uGaston Sirino esikwatini njengoba iminyaka yakhe isihambile.
USirino (32) ufike eNingizimu Afrika ngo-2018 esuka kwiBolivar yaseSouth America.
Usehlale kuleli iminyaka engaphezulu kwemihlanu, wagcina waterhole namaphepha amgunyaza ukuthi ahlale anethezeke eNingizimu Afrika.
Lomdlali ubengakaze adlale eqenjini lakhe lesizwe I-Uruguay. Kunedlanzana labalandeli nabahlaziyi bebhola abamcelela indawo esikwatini sikaBroos.
UBroos uthi akanaso isizathu esingamenza abize uSirino kodwa akananxa nabadlali abasebenzisa ubuzwe obubili.
“Ngesikhathi ngiqeqesha iCameroon, bekukhona abadlali abasebenzisa ubuzwe obubili.
Anginandaba nobuzwe bomdlali. Uma ubuzwe bakhe buqondile futhi nebhola lisezingeni, kuyaphoqa ukuthi ngimbize.
USirino uneminyaka engu-32. Uzohlanganisa u-34 eminyakeni emibili. Angiboni kuwumqondo omuhle ukumbiza ngoba angeke asize eminyakeni ezayo. Engadlala kwi-AFCON kodwa angeke esalunga ku-2026,” kuchaza uBroos ekhuluma kuSABC 1 ngoLwesine.
UBroos uthi uncamela ukusebenzisa abadlali abasebencane ngoba bathola isipiliyoni ngokuhamba kweminyaka.
“Sizobona ngodaba lukaSirino. Ngikhonze abadlali abasebancane ngoba bathola isipiliyoni eminyakeni ezayo. Angeke ngikhathazeke ngeminyaka yabo kulesosikhathi,” kubeka lomqeqeshi.
IBafana izobhekana ne-Eswatini ne-Ivory Coast emdlalweni yesihle kulelikhefu.