Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uphinde wathunuka imizwa yabalandeli abaningi egxeka amaqembu eDStv Premiership ngokuhluleka ukuqhudelana neMamelodi Sundowns athe kuzoshaya uFebruary isiqede konke ngesicoco seligi.

ISundowns isiqoqe amaphuzu awu-24 emdlalweni ewu-8 zisuka futhi isitimela sayo asibukeki sizoma maduze njengoba ingabhekene nenkinga amaqembu amaningi abhekene nayo kwiPSL; indlala yamagoli.

Uma ubuka ilog yePSL nje iSundowns isivalele amagoli awu-17 kwimidlalo yeDStv Prem, iqembu elisondele kuyo yiGolden Arrows, esivalele awu-12. Umehluko phakathi kwabo wukuthi iSundowns ine-defense engcono, esangenise amagoli amathathu kuphela, i-Arrows ngakolunye uhlangothi isingenelwe awu-9.

Uma ubuka igoal difference yamaqembu eDStv Premiership, iSundowns iku-14, ilandelwe yiSwallows eku-6 (isakore awu-10 yangenisa 6), bese kulandela i-Arrows eku-3. Onke amanye amaqembu ane-goal difference engaphansi kuka-3. Amaqembu awu-13 ane-goal difference engaphansi kuka-3. Yihlazo lelo.

Sebengamxgeka abamgxekayo ngokugxambukela ezindabeni zeligi uBroos, kodwa iqiniso limile, akukhulumanga amanga ngezinga lamaqembu ePSL kule sizini nangesizini edlule.

Izolo ngesikhathi sibika ngenkulumo kaBroos, kunabanye abathe okuphumelelisa iSundowns wukuthi ingomacaphuna kusale…kodwa buza noma ubani owaziyo nge-sponsorship uzokwazisa ukuthi iPirates neChiefs benza imali eningi kabi ukudlula iSundowns, futhi omabili lawa maqembu ayakwazi ukukhipha imali uma emfuna ngempela umdlali, kodwa lento ayihlangene nemali.

Ngeke kube wukuthi amaqembu awu-13 onke athi awakwazi ukukora amagoli ngoba iSundowns inemali. Adlala neSundowns kuphela? Ngoba phela onke abhekana kabili neSunodwns kwiligi ngesizini.

Inkinga ikubadlali uqobo nakwindlela abaqeqeshwa ngayo, nakho ke ukuthi iqembu lithenga kanjani namaqhinga asetshenziswa wumqeqeshi.

Kunamaqembu awu-13 angakwazi ukuvalela amagoli kwiDStv Premiership okumele athole isixazululo kungenjalo azoqhubeka abhuquzisane wodwa iSundowns ibaleka nesicoco seligi.

Sibhalele umbono wakho othinta ezemidlalo usithumele nge-email ku: gibelasport@gmail.com