Umqeqeshi weSekhukhune United uBrandon Truter ubhoboke ngomcabango wokushiya iqembu, ukhala ngokungakhululeki ePolokwane.
UTruter ukhulume kanje ngemuva komdlalo weDSTV Premiership beshaywa iGolden Arrows ngo 1-0 ePeter Mokaba Stadium kuleli sonto.
Lomphumela ushiye uTruter edidekile, wabeka ukuthi iqembu lizoya phambili uma isimo sizoshintsha.
“Kufanele ube nezimpendulo uma ungumqeqeshi. Kufanele unyuse ukuzethemba kubadlali. Yize kunjalo, kuyenzeka ugxekwe noma utshelwe okufanele ukwenze.
Kuyenzeka abantu bakutshele okungalungile okwenzayo kodwa isijeziso sibhekana nawe ekugcineni. Sidlale kahle, inkinga iqale sekumele singene ebhokisini lezitha,” kubeka uTruter ekhuluma nabeSuperSport TV.
IBabina Noko ibihlulwa okwesibili kwiligi kulandelana kwazise ikhale ngaphansi ibhekene neKaizer Chiefs ngesonto eledlule.
UTruter ukhale kakhulu ngokugejwa kwamathuba kulomdlalo.
“Izitha zishaye igoli ngemuva kokuthola ithuba elilodwa. Sithole inqwaba yamathuba kodwa sahluleka ukuwasebenzisa. Ngicabanga ukuthi inkinga yethu ayikho enkundleni.
Nginomcabango ongihleli emqondweni. Ngicabanga ngekusasa lami ngoba ngibona iqembu lidinga ushintsho ukuze lizokhula. Angijabule neze kulezinsuku, umoya wami uphansi,” kusho lomqeqeshi.
Khonamanjalo, selokhe eveze ukuthi angase ashiye kwiSekhukhune uTruter, iyaqina imibiko emkhomba kwiChiefs okuvela ukuthi imhlelela indawo.