Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi usebhalele iSAFA nePSL ngoba ezama ukuphoqa ukumiswa komqhudelwano odlalwa usuku olulodwa iCarling Black Label Cup.
UBroos uthi uphoxekile kwiPSL ehlanganise umqhudelwano wosuku olulodwa ngoNovemba ekubeni yena uhlele ukubiza ikhempu yeBafana ngalesosikhathi.
“Ngiyibhalelile iSAFA nePSL, ngidinga impendulo ngokushesha ngoba akukho engingakwenza njengamanje. Asinabo abadlali abaningi abazodlala ngoNovemba.
Angeke ngikwazi ukuqinisekisa imidlalo yobungani uma bengekho abadlali abadingakalayo, ngizoba nenkinga enkulu lapho. Isinqumo silele emaqenjini nakwiligi. Ngizojabula uma izohlehliswa iCarling Cup.
Kudlala amaqembu amabe ngosuku olulodwa. Ngibona kungcono idlalwe ngoDisemba iCarling Cup noma kulindwe uma sekuzobuya isizini. Lokho kuzokhulula abadlali ngosuku lomhlaka 5 Novemba, nami ngingaqala ikhempu.
Kuzodingeka ngithole imvume emaqenjini ngoba azonikeza abadlali isikhathi samaholidi ngoba azoqala amalungiselelo ekupheleni kukaNovemba.
Ngicabanga ukuthi abadlali bazonikezwa isikhathi samaholidi. Lokho kuchaza ukuthi kungenzeka ngingabatholi abadlali,” kubeka uBroos.