USihlalo weChippa United uSiviwe Mpengesi uthi wagagamela ngokuxosha uManqoba Mngqithi ngoba wayenganalo ulwazi oluningi ngebhola.

UMpengesi uthi wayengahlelile ukuxosha uMngqithi, wathatha isinqumo ngamawala ngoba wayesejwayele ukunqoba ezigabeni eziphansi.

UMpengesi ubeke kanje ekhuluma noSkepe Matsebane kwiPower FM.

“UManqoba Mngqithi uyena kuphela umqeqeshi engizisolayo ngokumxosha. Ngangisemncane, nganginganalo ulwazi oluningi ngebhola.

Ngibona sengathi ngamhlambalaza uManqoba Mngqithi ngokumxosha yize kwaba yisinqumo esasingahleliwe. Ngangijwayele ukunqoba kalula ezigabeni eziphansi.

Yimina uSihlalo osemncane ngokweminyaka kwiligi. Angikhulumi ngabantu abafike kuPSL ngoba bethole amafa noma ngenxa yabazali abaphethe amaqembu,” kubeka uMpengesi.

UMpengesi uthi iqembu lakhe angeke limelane namaqembu amakhulu ngokwezezimali, yingakho lijwayele ukudayisa abadlali ukuze lizosimama.

“Ngiyakholelwa ohlelweni lukamqeqeshi. Angikho ukuthi kufanele siwine njalo ngesizini kodwa uhlelo akufanele luthathe isikhathi eside. Angifuni sivike izembe noma sigawulwe yizembe.

IChippa United yiqembu elidayisa abadlali. Kufanele ngidayise ngoba angikwazi ukukhipha imali ebekwa iPirates noma iSundowns. Angeke sikwenze lokho, iphakethe alivumi.

Angeke uwine iligi ngamagama. Kufanele ufake imali eqenjini. Kudinga imali eningi ukunqoba iligi. Bengizobagcina bonke abadlali, ngiwine neligi ukube benginayo iligi. Kungaba ukuzithwala ukunqaba imali engu-R10 million eqenjini elifuna ukuthenga umdlali,” kubeka uMpengesi.