Owayengumqeqeshi weMaritzburg United neKaizer Chiefs u-Ernst Middendorp uthi alikho nelincane ithuba lokuthi abuyele kwiChippa United aseke wayiqeqesha ngaphambilini.

UMiddendorp ungomunye wabaqeqeshi abayaziyo imbazo kaSiviwe Mpengesi ongananazi ukuxosha umqeqeshi uma sekubhimba imiphumela.

“Ngiyabonga kakhulu ngemizamo kaChippa. Ungamgxeka ngabaqeqeshi akabaxoshayo, kulungile. Ekugcineni uChippa ufuna into eyodwa, ukugcina iqembu lidlala kwisifundazwe.

Kungenzeka ubize ukuthi obani labo abamcebisayo ngezinqumo azithathayo. Ngibona ezama ngayo yonke indlela ukuze engagawulwa yizembe.

Ubudlelwano bethu abuphelanga kahle, sagcina sesingene nasezinkantolo imbala. Kodwa sengidlulile lapho. Angeke ngiyicabange eyokubuyela kwiChippa ngoba sobabili Siyazi ukuthi angeke kulunge,” kubeka uMiddendorp ekhuluma nabezindaba.