Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usezichithile izinsolo zokucwasa ngokwebala ngemuva kwenkulumo yakhe ngoMbekezeli Mbokazi athe uzophenduka umuntu omhlophe uma esemqondise ubugwegwe.
UBroos wabeka kanje ngesikhathi ezwakalisa ukungenami ngokufika kukaMbokazi ekhempini yeBafana sesidlulile isikhathi okwakufanele afike ngaso ngesizathu sokuthi washiywa yindiza.
Inkulumo yakhe ihambe yaze yafika emaqenjini ezepolitiki, i-UDM yaqoka ukumbika kwiSouth African Human Rights Commission.
Okudide abantu abaningi ngenkulumo kaBroos wukuthi abazi ubechaza ukuthini uma ethi uMbokazi uwumdlali omnyama kodwa uzophenduka abe mhlophe ngemuva komhlangano wabo. Abanye bathi lenkulumo isuselwe kwisisho sesiNgisi sokuthuka ‘usale umhlophe’ (pale) – uma ukade uthethiswa noma ubona into ekufakela uvalo. Mhlawumbe okwenze uBroos angayibeki kahle wukuthi naye akalona iNgisi, kodwa ungowaseBelgium.
Esitatimendeni seSAFA uBroos uziphendulele kanje: “Kuyishwa ukuthi amagama ami ngiqondisa isenzo somdlali ahumushwe kabi athathwa njengobandlululo nokucwasa ngokobulili.
“Ngiyaziqhelelanisa nalezi zinsolo. Kuyangethusa ukuthi usebukwa kanje umqeqeshi osemeseke kangaka lo mdlali selokhe aqala akumbiza eqenjini lesizwe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.”
Ngokwesitatimende seSAFA uBroos ngesikhathi ekhuluma nge-agent kaMbokazi ubengaqondile ukugqamisa ukuthi ingowesifazane, kodwa ubecacisa ukuthi njengamanye ama-agents ibeke imali phambili kunokulinda ukuthi kuqhamuke iqembu elingcono.
ISAFA ithi uBroos wenze umsebenzi oncomekayo ekubekeni iBafana ezingeni ekulo namhlanje futhi kule minyaka edlule akukaze kuqhamuke noyedwa umdlali emsola ngokucwasa ngokwebala.