Obewumqeqeshi weCarling All-Stars uManqoba Mngqithi uthi umdlalo wabo ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida izolo uphinde wamcacisela ukuthi iyadingeka iVideo Assistant Referee (VAR) kuleli ngoba onompempe benza amaphutha amaningi.

Izolo i-All-Stars incishwe ipenalty ecace bha, okushiye uMngqithi ekhalaza ngemuva komdlalo abadliwe kuwo ngo 2-0.

Sekunesikhathi kukhulunywa nge VAR kuleli kodwa kubukeka iyoze ifike ngasekupheleni kwesizini noma ngesizini edlule.

Ekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo wayizolo uMngqithi uphinde wakhalaza ngokungabibikho kwalobu buchwepheshe kwiligi. Uthe bekufanele bathole ama-penalty amathathu kumdlalo wayizolo.

“Sekunesikhathi ngifuna kube khona iVAR…nayo inamaphutha kodwa okungenani iyaveza amaphutha,” kusho uMngqithi.

“Kwesinye isikhathi kwiPSL uma iqembu thizeni lithole isinqumo esingekho akushiwo lutho, kodwa uma kungelinye iqembu, kuba nomsindo.

“IVAR izosisiza zihlale obala lezi zinto. Izophinde isisize sikwazi ukulandela amaphutha ngoba kwesinye isikhathi kuba wunompempe oyedwe othatha isinqumo esiyiphutha emdlalweni owodwa, elisiza iqembu elilodwa.

“Sifuna amaphutha amsulwa ebholeni. Siyohlale siwamukela. Nami ngibuye ngizitshele ukuthi bekuyi offside, kodwa ngibone ngemuva komdlalo ukuthi bekungeyona. Ngakho ke siyayidinga iVAR.”