Isihlabani sePop Music esidume umhlaba wonke, uBritney Spears, sithi zingamampunge izindaba zokuthi sihlela ukukhuza ibuya embonini yomculo.

UBritney, ogcine ukukhipha i-albhamu ngo-2016, ubhale ekhasini lakhe ku-Instagram ecacisa ukuthi akazimisele ngokubuya emculweni.

“Ukuze ngicacise nje, izindaba eziningi ziwudoti. Balokhe bethi kukhona abantu engizosebenza nabo ukuze ngikhuphe i-albhamu entsha. Ngeke ngiphinde ngibuyele embonini yomculo,” ubhale kanje.

“Uma ngibhala, sengibhala sakudlala noma uma ngibhalela abanye abantu. Kwabangayifundanga incwadi yami, kuningi eningikwazi ngami. Sengibhale amaculu angaphezulu kuka-20 eminyakeni emibili edlule ngibhalela abanye abaculi.”

UBritney uphinde wacacisa ukuthi kungamanga ukuthi incwadi ageqa amagula ngempilo kuyo yashicilelwa ngaphandle kwemvume yakhe.