UMengameli weBarcelona uJoan Laporta uthi abaqedile ukisayinisa abadlali, inqobo nje uma umqeqeshi uXavi Hernandez ebafuna.
UBernardo Silva umataniswa neBarca ukuze ezovala isikhala sikaFrenkie de Jong uma egcine edayisiwe.
IBarca isisayinise uRobert Lewandowski, Raphinha, Franck Kessie, Andreas Christensen noJules Kounde kuleliwindi. Kusekhona imibuzo mayelana nokubhaliswa kwala badlali njengoba iqembu lisathwele kanzima kwezezimali.
ULaporta ubekhuluma esithangamini nabezindaba eSeville, wabeka kanje:
“Sinethemba, sizama okusemandleni ukuze sizobhalisa abadlali abasha. Ngiyathemba ukuthi iLa Liga izosishayela isigxiviso sokubhalisa abadlali. Sikhona isikhathi kuze kushaye umhlaka 13 ku-Agasti.
Ebuzwa ngodaba lukaBernardo, uLaporta ucashe ngesithupha.
“Kufanele sibhalise abadlali kuqala, sengizobona ukuthi umqeqeshi (Xavi) ukhala ngani,” kubeka uLaporta.
Iqembu limemezele ukufinyelela esigabeni sesithathu sezimali ukuze lizobhalisa abadlali abasha.