UMauricio Pochettino uthi ingamampunge inkulumo yokuthi waxoshiswa uKylian Mbappe esihlalweni sakhe sokuqeqesha.
UPochettino ukhonjwa indlela ngoJulayi, ngemuva kwezinyanga ezingu-18 ehola iPSG. Wanqoba iligi ngesizini ephelile, iCoupe de France kanye neTrophee des Champions.
Ungomunye wabaqeqeshi abahlulekile ukunqoba i-UEFA Champions League nePSG. Leliqembu lakhishwa kabuhlungu iReal Madrid kwi-last 16 yeChampions League.
Kusabalale imibiko eveza ukuthi uMbappe waba neqhaza elikhulu ekuxoshweni kukaPochettino.
UPochettino uthi akacabangi ukuthi uMbappe wamxoshisa. Ekhuluma neziko labezindaba i-Infobae, lomqeqeshi ubeke kanje:
“IPSG yenze konke okusemandleni ukuze izogcina uMbappe, nami ngiyavumelana nalokho. Ungomunye wabadlali abantswempu emhlabeni. IPSG ikwazile ukusebenzisa izinsiza zayo ukuze imgcine.
Angiboni ukuthi uMbappe uyena owafika nohlelo olusha. Izikhulu eziphethe, uMengameli (Nasser Al-Khelaifi) yibona abashaya umthetho, ababona kungcono kuqalwe phansi,” kubeka lomqeqeshi.
UPochettino uthi iPSG izifakela kakhulu ingcindezi yokunqoba iChampions League.
“IPSG ifuna ukunqoba iChampions League ngenkani. Ukulambela iChampions League ngenkani kudala ukuthi bazibone behlulekile uma bengayitholanga. Sasebenza kanzima kwiChampions, sahlaselwa yibhadi emizuzwini yokugcina sibhekene neReal Madrid,” kusho uPochettino.