Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi uthi bekufanele bashaye inqwaba yamagoli kwi-Al Ahli SC abayishaye ngo 2-0 emlenzeni wokuqala kwisemifinal yeCAF Confederations Cup izolo eMartyrs of February Stadium.
Amagoli eBucs ashaywe u-Innocent Maela noGoodman Mosele esiwombeni sokuqala.
UNcikazi uthi amagoli amaningi abezodikibalisa i-Al Ahli uma seyivakashela iBucs e-Orlando ngeSonto. I-Al Ahli, eyakhonya kwiqoqo elineCS Sfaxien nePyramids yaseGibhithe, ibingafana nakancane neqembu ebelinconywa abahlaziya nabalandeli.
“Sidlale neqembu elinzima, lihle ibhola labo, bashoshela phambili, banomjiko. Kufanele ngishaye le abadlali bami ihlombe. Badlale kahle ngaphansi kwesimo.
Ngiyabonga kubaphathi abahlele uhambo baningi abantu abasebenzayo abangabonwa kodwa ngiyaziqhenya ngeqembu ngokuwina ekuhambeni. Bekubalulekile ukushaya igoli, sibuye nomphumela ogculisayo,” kusho uNcikazi.
UNcikazi uthi baziyekele ukungcwaba i-Al Ahli ngoba bathole amathuba amaningi.
“Ngibone siyeke inqwaba yamagoli. Sidlale kahle sibhekene neqembu elihle, ngiyaziqhenya ngeqembu nomphumela ababuue nawo.
Nginomhobholo, bekufanele sishaye amagoli amaningi ukuze sizodikibalisa izitha kodwa namagoli amabili ngiyawajabulela. Kumele sisebenzele phezu kwamagoli esinawo ukuze sizozibeka ethubeni lokudlala kowamanqamu,” kusho uNcikazi.
Uma iPirates igcina ingenile kowamanqamu, izotholana no yedwa phakathi kweTP Mazembe neRS Berkane. ITP Mazembe inqobe umdlalo womlenze wokuqala ngo 1-0 ekhaya.