Umqeqeshi we-University of Pretoria (TUKS) uTlisane Motaung usola ukugula kwabadlali abebephethwe isisu njengesizathu esibalahlise amaphuzu bebambana neCape Town Spurs ngo 2-2 kwiGladAfrica Championship kulempelasonto ephelile.

Lomphumela uqhelise amaTUKS ezithendeni zeRichards Bay eyibambe esicongweni seligi. IBay uvule igebe lamaphuzu amabili ngemuva kokushaya iTS Sporting ngo 2-1.

Impelasonto iqale lamaqembu ebambene ngamaphuzu angu-50. Ukunqoba kweNatal Rich Boys kuyibeke emaphuzwini angu-53, amaTUKS anyukela emaphuzwini angu-51.

Ekhuluma sekuphele umdlalo, uMotaung uthe usola ushevu okungenzeka ukuthi ufakwe ekudleni kwabadlali.

“Sidlalile yize isimo besingavumi. U-70% wabadlali ubuphethwe isisu. Sidle isidlo sasebusuku kwelinye ihhotela eKapa. Ngalobo busuku, abadlali baqale ukukhononda ngesisu becela usizo lwezempilo. Ngisho nethimba labaqeqeshi imbala.

Bekunzima kakhulu. Abanye abadlali sibasebenzise bekhala ngezisu. UFrank Mpedi ukhishwe ngempoqo ngoba ubuphethwe isisu, ubehluleka ukuzibamba. Abanye baqhubekile badlala. Isimo besinzima, izinhlelo zethu zivele zanyomfeka. Sizobuya ngamandla emdlalweni olandelayo, nathi asizenzanga kulokhu,” kubeka uMotaung.

Iqembu likaShaun Bartlett lishaye igoli lokuqala kulomdlalo obubanjelwe e-Athlone Stadium. AmaTUKS abuye ngamaphuzu ashaya amagoli amabili kungakayiwa ekhefini. Amagoli ashaywe u-Etiosa Ighodardo noWonderboy Makhubu.

Sigcine sibuyile iSpurs sashaya igoli lokulinganisa eliqhamuke no-Ashley Cupido, umdlalo waphela ngo 2-2.

I-University of Pretoria izokwamukela iHungry Lions eTUKS Stadium ngeSonto. UMotaung uthi usenalo ithemba lokukhushulelwa kwiDSTV Premiership ngesizini ka-2022/23.

“Kufanele siqhubeke nokukholwa, kusengenzeka ukuthi sikhuphukele kwiPSL. Sinomdlalo owodwa, neRichards Bay isele ngomdlalo owodwa. Siwadinga ephelile amaphuzu, sithembe ukuthi iRichards izolahla amaphuzu. Kufanele siwunqobe umdlalo. Kuzongijabulisa ukukhushulelwa kwiDSTV Premiership kodwa akusekho ezandleni zethu,” kusho uMotaung.