Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteven Barker uthi kube yibhadi ukuthi bangadluleli kuma-semi final eMTN8 ngoba badlale kangcono kuneKaizer Chiefs egcine ibahlule kumaphenathi.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uBarker uthe bakhe amathuba angcono kuneChiefs.

“Siphoxekile ukuthi umdlalo uze wafika kumaphenathi, nakhona sahluleka ukunqoba. Sakhe amathuba angcono kunabo, sashaya ipali kabili. Ngesikhathi sishaya igoli, bengingababoni bebuya emdlalweni ngaphandle uma senza iphutha, okuyinto eyenzekile. Kodwa ke ithina esigqugquzela abadlali bethu ukuthi baqale umdlalo ngamaphasi emuva, kulindelekile ke ukuthi amaphutha abuye enzeke kuleso simo, siyathemba abadlali bazofunda kodwa,” usho kanje.

IStellies ike yanikezwa iphenathi kodwa yabuye yaguqulwa, kwasusa umsindo enkundleni. UBarker uthe akazi lesi sinqumo sithathwe kanjani kodwa akusenani.

“Kubaphoxile abadlali bami ukuguqulwa kwesinqumo. Angazi isinqumo siguqulwa kanjani. Angazi noma bekuyiphenathi ngempela ngoba bengingakayiboni ivideo kodwa uma kungeyona kulungile.
UBarker uncome abadlali bakhe ngokuzinikela kulo mdlalo, wabonga nabalandeli ngokuphuma ngobuningi babo bezobuka umdlalo.