Babe nempelasonto enhle abagadli abagijima kumaqembu amakhulu e-Europe belekelela amaqembu abo anqobe. Le mpelasonto ikukhombisile ukuthi umbango we-golden boot e-Europe uzoshuba kakhulu njengoba amqembu amaningi esebuyele ekusebenziseni abagadli abathanda ukuhlala ebhokisini baqhufuze amagoli.
Erling Haaland
KwiPremier League uHaaland usaqhubeka nokukhombisa ukuthi kungani iMan City ikhiphe imali eshisiwe ukuze imthenge. Lo mgadli ushaye i-hatrick esiwombeni sesibili ezakhe kade zidliwa yiCyrstal Palace ngo 2-0 ziya ekhefini. UHaaland usehamba phambili ngamagoli kwiPremier League, unamagoli ayisithupha. Abagadli abangemuva kwakhe, o-Aleksandar Mitrovic, Harry Kane noRodrigo Moreno basele ngamali amabili kuye.
Karim Benzema
Lo mgadli osanda kunqoba isicoco se-UEFA Men’s player of the Year ukhumbuze abaningi ngekhono lakhe phambi kwepali eshaya aagoli amabili ngesikhathi ezakhe iReal Madrid zishaya i-Espanyol ngo 3-1. Bezibambene ngo 1-1 ngesikhathi uBenzema eshaya amagoli amabili ngemuva komzuzu ka-88. UBig Benz usenamagoli amathathu kule sizini.
Robert Lewandowski
Umdlali ozobangela uBenzema ukushisa kule sizini kwiLaLiga. Lo mdlali uvalele amagoli amabili ngesikhathi iBarcelona inenebula iValladolid ngo 4-0 eCamp Nou. ULewandowski usenamagoli amane kule sizini kanti ubukeka ezovalela inqwaba yamagoli njengoba iBarca idlala ingcwenga yebhola ngaphansi kukaXavi.
Christopher Nkunku
Lo mdlali oqoke ukuhlala kwiRB Leipzig nakuba ebefunwa yinqwaba yamaqembu amakhulu e-Europe uvalele ibrace naye ngempelasonto ngesikhathi ezakhe zihlula iWolfsburg ngo 2-0 kwiBundesliga. Usenamagoli amane kule sizini. Ngesizi edlule uqode isizini enamagoli awu-20 emdlalweni ewu-34.