Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker ubona ezakhe zifinyelele esigabeni somkhumulajezi kwiCAF Confederation Cup noma sezithole induku emdlalweni emibili zisuka.

IStellies iguqiswe eMoses Mabhida Stadium ngo 3-1 itholene phezulu neRS Berkane ngeSonto. Lomphumela ushovele iStellies emsileni kuGroup B kwazise neStade Malien sabajuqa ngenduku kowokuqala kumasonto amathathu adlule.

UYoussef Zghoudi uvalele amagoli amabili, elesithathu leBerkane lashaywa uReda Hajji. Igoli losokhaya lishaywe uChumani Butsaka.

Yize imiphumela igqoza kwiConfed Cup, uBarker ukholwa ukuthi iStellenbosch sizogcina sifinyelelile esigabeni somkhumulajezi.

“Ngiyakholwa ukuthi sizogcina sifinyelelile kweyomkhumulajezi. Asikaphumi kulomqhudelwano, umdlalo olandelayo neqembu lase-Angola (Lunda Sul) ufana nowamanqamu. 

“Sidinga amaphuzu amathathu kulemidlalo emibili elamanayo neLunda Sul. Kufanele sinqobe nomdlalo wethu neqembu laseMali ozodlalwa ekhaya (January 12). Awekho amanye amathuba okucosha amaphuzu. Angiboni kunzima ukubuya namaphuzu agcwele ekuhambeni,” kubeka uBarker ekhuluma esithangamini nabezindaba.

UBarker ugqamise ukushoda kwesipiliyoni seCAF njengesizathu esibabulalisa ngenduku. Lomqeqeshi uthi basafunda indlela yokudlala kulomqhudelwano.

“Kubalulekile ukufunda nokukhula ngokwebhola uma sesidlala namaqembu asezingeni eliphezulu. NeSundowns yaqala ngonyawo lonwabu ngesizini yokuqala, bagcina sebehlomula ngesipiliyoni esabakhulisa kulomqhudelwano. Kufanele sifunde kulenselelo esibhekene nayo.

“Kugqamile ukuthi sishoda ngesipiliyoni, ikakhulukazi ngamathuba avela ebhokisini lezitha. Kufanele sikhuphule amasokisi ukuze sizobamba izinga. 

“Sizokhula ngokwezinga, sigcine sesifinyelelile ezingeni leCAF. Sicosha izifundo ngemiphumela esiyitholile,” kusho uBarker.

IStellies sizolibangisa e-Angola ngaphambi komdlalo neLunda Sul ngeSonto.