UDJ wamapiano u-Uncle Waffles uzithele kwizimivi ezitinyelayo ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yesithombe asifake ekhasini lakhe ku-Instagram ngoLwesithathu. 

UWaffles ufake lesithombe asishuthe nabadansi bakhe ayenandisa nabo emcimbini weCotton Fest. 

Abantu abaningi kuTwitter bamhlale imbashalala, bemsola ngokushintsha ubulili. Bebekhala ngosayizi wamabele akhe amancane. 

UWaffles ugcine eseziphendulela kuTwitter, watshela abamgxekayo ukuthi akasiyena umngani wabo. 

“Lezithombe zikhombisa ini vele? Nizama ukudelela abantu okungafanele nibachwense. Sekufanele nginibonise ubufakazi ngobulili bami ngoba niyasola?  Niyangixaka. 

Akulungile ukuhlezi ukhuluma. Ngiyazigqaja ngokuphila nabantu abashintshe ubulili, kudala ngazihlanganisa nabo. Namanje nisaqhubeka nokukhuluma izinto eningahlangene nazo. Ngicela ukunikhumbuza ukuthi angisiyena umngani wenu. Singajwayelani amasimba,” kubhala uWaffles. 

Abalandeli baWaffles bebevivile bezomvikela. 

U-@onelenna_rsa ubhale kanje: “Angiqondi ukuthi kungani nihlukumeza u-Uncle Waffles. Uyingane encane kabi UWaffles nicasulwa amabele akhe. Nibadala kangaka ninaka umzimba wengane? Aniziphathe kahle, niyolala. 

U-@Maqhawe_Ngubane ukhale ngenhlamba ebibhekiswe kuWaffles. 

“Asikho isidingo sokuchapha uWaffles ngenhlamba. Useyingane encane ezama impilo, animyekele. Cabanga uneminyaka engu-21 kodwa usubhekene nabantu abakugxekayo ezinkundle zokuxhumana. 

“Niyamzonda u-Uncle Waffles ngoba impumelelo yakhe yenzeka phambi kwamehlo enu. Eningakuqondi ukuthi angeke usiphikise isikhathi esibekwe uNkulunkulu. Inzondo eninayo izomgqugquzela uWaffles, usazophumelela.