Sekuphele isonto uphrojusa uHeavy K achitha izinsolo ngokudelela i-albhamu kaBlack Coffee i’Subconsciously’.

UHeavy K wabhala kuTwitter, ephika lenkulumo eyaqhamuka ohlelweni iMacG’s Podcast & Chill. 
“Angeke ngivumele abantu ukuthi bahubhuze amanga besebenzisa igama lami ukuze bezozama ukuzidayisa bona. Angiyazi lento okuthiwa ngiyikhulume ngoMacG,” kusho uHeavy K ezinsukwini ezedlule. 

Yize bekubukeka sengathi indaba isigoqiwe ngesikhathi uHeavy K ekhipha ubufakazi ngenkulumo yakhe ohlelweni lukaMacG, indaba iphinde yaqala phansi lophrojusa ebiza uMacG ngephixiphixi elinqaba ukuxolisa ngoba liqamba amanga. 

“Lomfana weNyaope uMacG akaye kwalasha. Ujwayele ukuqamba amanga nje. Cabanga ungibiza ngexoki ekubeni yena uyiphixiphixi lokuzalwa. Okuthusayo ukuthi uyawakholwa amanga akhe, soke sibone,” kubhala uHeavy K. 

Ujikele nakomunye osohlelweni lukaMacG uSolomzi Phenduka.

“Wena @SolPhenduka ungiphoxile kakhulu ngoba uyazi ukuthi uMacG ukhuluma amanga, uyabona uyaphambuka kwiqiniso leli olaziyo. Ayikho inkinga, namanje ngiyakuthanda mngani wami kodwa ngizohlehla kuwe.”

UHeavy K uveze nobufakazi benkulumo yakhe eseceleni ngoMacG, nalapho uMacG ubengafuni ukuxolisa. 

“Lomfana uzenza sengathi ubalulekile emhlabeni. Akusiyena wonke umuntu okufanele adume! Wena ufafaze amanga ngami, lapho ushaye eceleni kakhulu, qha lomnqundu.”

UHeavy K uthe akanayo inkinga noMacG, kepha ubefuna axolise ngokufafaza amanga ngegama lakhe. 

“Ukucacisa izinto, angixabene noMacG, bengifuna akhulume iqiniso njengoba eqambe amanga ngami. Ngizilungisile izinto noBlack Coffee, Akudingeki ngixolise. Ingxabano ayisizi muntu.”