INtokazi yaseMlazi esizakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana ibonge abalandeli bayo kulandela ukumenyezelwa njengomunye wabasakazi abasha kwiGagasi FM.

UPenny Ntuli obengumsakazi wesiteshi somphakathi iNanda FM, ubhale ekhasini lakhe lenkundla yokuxhumana iFacebook wabonga abalandeli bakhe ngokumeseka. 

UPenny wafaka i-video ekhasini lakhe kuFacebook ngesonto eledlule ekhangisa ngekhono lakhe ecela nalomsakazo ukuba umuphe ithuba. Kule video, wayehleli emotweni edlala umculo, aphinde asakaze. 

Wabe esebhala wathi: “Ngiyazi iGagasi FM, kalithungathi abasakazi okwamanje kodwa ngoba ngiyazi ukuthi selishiywe ngabasakazi ababili ngithi mangingqongqoze futhi. Lithini lona iGagasi nkosi yami.” 

Abalandeli bakhe bakhombisa ukumeseka abanye bemncoma ngethalente lakhe lokusakaza. Kuthe uma esemenyezelwe njengomunye wabasakazi bakulesi siteshi wadlulisa ukubonga kulabo ababemeseka. 

“Bafethu naze nangithwala ningangazi. Naze nangilwela ningangazi. Naze nakholelwa kumina ngizinekile phambi kwenu nezifiso zami nethalente lami nangihlangabeza nangeseka. Naze naba nenkani nincengela mina baze bavuma abaphathi abakhulu, yingakho uma kulunga ngathi saphumelela ngiyabonga kakhulu,” kusho yena.  

Uphinde wabonga umsakazi nosomahlaya uMnuz Felix Hlophe ngegalelo alidlalile emqeqesha ngezomsakazo, kusukela eneminyaka ewu-19

Uthe: “Sibeside isikhathi ngihlupha ubhuti Felix Hlophe ngokuthi ngifuna ukuba semsakazweni, kodwa ubenesineke nami wangicothozisa kusukela ngineminyaka ewu 19. Wayeloku engibonisa engitshela ukuthi angifunde, ngihloniphe ngibhekise ikhanda phansi. Emva kweminyaka sengiphumelela ube ngowokuqala ukungamukela kulo mkhakha namhlanje sisebenza ndawonye,” kusho uNkk Ntuli. 

Umsakazi weGagasi uFelix Hlophe umshayele ihlombe uPenny ngokungalilahli ithemba. 

“Angikaze ngibone umuntu onentshisekelo kanje, uPenny akafuni ukuzitshwa. Intsha yanamuhla ayisenayo lentshisekelo anayo, loku kuyajabulisa,” kusho uHlophe. 

Lo msakazi kusale kancane aqashwe kwi-East Coast Radio efinyelela kumą-semifinal omncigntiswano wokusakaza kulesi siteshi ngo-2021.

UPenny uzoshayela uhlelo olusihloko sithi ‘Ziyakhala’ njalo ngoMgqibelo ngabo 01:00 ezintathakusa kuze kushaye u4:00 ekuseni. 

IGagasi limemezele izinguquko ezinhlelweni zalo ngoLwesibili emcimbini obuseLuma Sunsets eThekwini.