Umqeqeshi we-Orlando Pirates uphinde wakhala ngamathuba okukora abawagejile bekhishwa yiqembu eligijima kwiMotsepe Foundation Championship kwiNedbank Cup ngoMgqibelo.

ICasric Stars ikhiphe iPirates ngo 5-4 kuma-penalty ngemuva komdlalo ophele zibambene ngo 0-0.

Lokhu kusho ukuthi omathathu amaqembu amakhulu aseMzansi asekhishiwe kulo mqhudelwano njengoba emini izolo iMamelodi Sundowns ithole isibhaxu sika 2-0 kwiTS Galaxy. IChiefs yakhishwa yiStellenbosch FC kwi-round edlule.

“Siphoxekile kakhulu ngokukhishwa kulo mqhudelwano obubalulekile kubadlali nakubalandeli,” kusho u-Ouaddou ngemuva komdlalo.

“Besifuna ukubaqeda umoya esiwombeni sokuqala, ngeshwa siphinde sabhekana nenkinga efanayo nesibhekane nayo emdlalweni odlule, ukuhluleka ukuvalela amathuba okukora, okuyinto ebaluleke kakhulu kwimqhudelwano.

“Ukugeja amathuba kanje kukhulisa ukuzethemba eqenjini obhekene nalo, engicabanga ukuthi lisivale kahle emuva namhlanje.

‘Bengifisa siwuqede ngokushesha umdlalo kodwa size safika kuma penalty, ebesiwalungiselile ngoba besazi kungenzeka sifike kuwo…siyayibongela iCasric Stars.”