Umqeqeshi weSekhukhune United u-Eric Tinkler uthi akuphelile ngesicoco seligi ngoba kusangenzeka aqhuzuke amaqembu angaphezu kwabo.

UTinkler ubeke kanje ngemuva kokubuka umdlalo obuphakathi kweMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates onqotshwe yiDowns ngo 2-1.

ISekukhune isele ngamaphuzu ayisithupha kwiPirates esesicongweni, bese isala ngamaphuzu amathathiu kwiSundowns, noma imidlalo esidlaliwe ingalingani.

“Angiboni ukuthi sekuphelile ngeligi. Ngihlala eGoli, ugesi ubuye ucishwe ngakho ke angisibonanga sonke isiwombe sesibili [somdlalo weBucs neSundowns],” kusho yena.

“Kodwa ngibabonile abadlali beSundowns bebanjwa amajaqamba. Lokhu kudalwa ukuthi babhekene nemidlalo emningi, kusazobalimaza ngokuhamba kwesikhathi.

“Ngabe amaqembu azowathatha amaphuzu kuyo? Ngabe iyashayeka? Yebo kunjalo, kodwa ngeke ukuphikle ukuthi banabadlali abasezingeni eliphezulu. Abanye bazothi babe nenhlanhla, angiboni kanjalo mina, ngibona besizwa yizinga labadlali abanabo.”