Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou uthi ugculisekile ngendlela abadlale ngayo bebhekene neChippa United kodwa uthi bekufanele baqhubeke bacindezele inethi ngoba bawatholile amanye amathuba sebehamba phambili ngo 3-0.
IPirates ixebule iChilli Boys eNelson Mandela Bay Stadium izolo ntambama ngamagoli avalelwe oPatrick Maswanganyi, Deon Hotto noTshepang Moremi.
“Kufanele sibonge abalandeli ngendlela abaseseke ngayo, kodwa ngakolwami uhlangothi ngiwumuntu othanda amagoli,” kusho u-Ouaddou ngemuva komdlalo.
“Uma singavalela amagoli amahlanu noma ayisithupha, kufanele siwavelele lawo magoli. Ngiyababongela abafana bami kodwa angiwuthandi umkhuba wokubamba ibhola singayi phambili. Ngifuna sihlasele.”
Lo mqeqeshi uqhube wagcizelela ukubaluleka kokuqoqa amaphuzu aphelele ngaphambi kwekhefu leFIFA.
“Senze kahle sasondela kumaqembu esiqhudelana nawo kwiligi. Kunezinto esifuna ukuzizuza, kuhle ukuthi siqoqe amaphuzu awu-9 ngaphambi kokuya ekhefini.”
IPirates izobhekana neStellenbosch FC kowamaqembu weMTN8 ngoSeptember 13 eMbombela Stadium.