I-Al Ahly igcine iqoke ukumxosha umqeqeshi uJose Riveiro ohambe eNingizimu Afrika efunge wagomela ukuthi lilodwa iqembu eliyomenza abuye eMzansi, i-Orlando Pirates.
Lo mqeqeshi zimkhalele izolo ngemuva kwenduku ka 2-0 ayithole kwiPyramids FC. Njengoba besibikile ngeledlule, uRiveiro ubesehleli ngesinqe esisodwa kwi-Al Ahly ngenxa yemiphumela engagculisi kwiligi. Uma kuhlanganiswa yonke imidlalo ayidlalisile (7) unqobe umdlalo owodwa kuphela.
Abaphathi baleli qembu abavamile ukucucuza. Uma bebona izinto zingahambi kahle umqeqeshi uxoshwa manje, kulandwe omunye.
Ngesikhathi evalelisa kuleli uJose Riveiro wathi alikho elinye iqembu eliyomenza abuye ngaphandle kweBucs.
“Angisoze ngaqeqesha elinye iqembu eNingizimu Afrika. NgiyiBhakaniya…i-Orlando Pirates iyona kuphela engangipha isibindi nomfutho wokubuya ngiziqoqesha eMzansi. Angikungabazi lokho.”
Ngemuva kwezindaba zokuxoshwa kwakhe kunabalandeli beSundowsn abazwakalise isifiso sokumbona enikezwa ithuba njengoba bengeneme ngomsebenzi owenziwa wuMiguel Cardoso kule sizini.
Kwi-Orlando Pirates azifelayo ngayo izinto seziqala ukumhambela kahle u-Abdeslam Ouaddou, osefake Ezimnyama kowamanqamu weMTN8. Kwiligi uqale ngokushaywa kabili kulandelana kodwa iqembu selikunombolo 5 ngemuva kokunqoba imidlalo emithathu kulandelana.