Njengoba unozinti uRicardo Goss elizwa ngendaba ijezi kwiMamelodi Sundowns, ukaputeni uDennis Onyango usemcebise ngokuthi alinde ithuba lakhe ngoba lizofika.
UGoss ubonakale emidlalweni emine kuphela kulesizini njengoba ebanga isikimu no-Onyango, Reyaad Pieterse noKennedy Mweene.
U-Onyango uthi uGoss uzolithola elakhe ithuba. U-Onyango ubekhuluma nabezindaba eMams Mall ePitoli ngesikhathi bebukisa ngezindebe abazinqobile.
“Kunzima ukudlala kwiSundowns uma usafika. Ngifike ngo-2011, angidlalanga ngisho owodwa umdlalo eminyakeni emibili. Kwakukhona uWayne Sandilands noCalvin Marlin. Kwafikwa uKennedy, mina ngabolekiswa.
Kunzima ukungena esikimini seSundowns usafika. Kufanele aqhubeke nokuzikhandla uGoss, athathe ithuba lakhe uma eselithola,” kuchaza lonozinti.
U-Onyango uthi uGoss unekusada eliqhakazile kwiSundowns ngoba usemncane ngokweminyaka.
“Ngiqale ukuthola isikimu kwiSundowns sengineminyaka engu-30, uGoss uneminyaka emincane. UReyaad uqala manje ukudlala, uneminyaka engu-30. Kufanele alinde, alungele ithuba lakhe ngoba liyeza.
Kungenzeka ngithole ikhadi elibomvu noma ngilimale njengoba kwenzekile kulesizini. UGoss uzolithola kanjalo ithuba, kufanele ahlale elindile,” kubeka u-Onyango.
U-Onyango (37) uthi ukushintshwa konozinti kuyasiza kakhulu njengoba bejwayele ukuba ngumqemane njalo uma sebedlala.
“Ngalimala umunwe kodwa ngalulama njengoba sengidlala. Ngiphinde ngalimala imasela, ngahlala isikhathi eside ngingadlali. Ukuhlala izinsuku ezilishumi umgadlali kufana nokuphuthelwa yimidlalo eyisithupha kwiSundowns.
Ngiphinde ngadonseka umsipha, ngadonsa kanzima sekumele ngithole isikimu. Ngidlale imidlalo engu-16 kwiligi kodwa ngiyajabula ngezinga lami. Ngiqede imidlalo engu-11 ngingangenelwa yigoli,” kusho lonozinti.