ILa Liga ihlela ukufaka iParis St-Germain enkantolo ngesizathu sokwelula inkontileka kaKylian Mbappe.
Oyisikhulu esiphezulu kwiLa Liga uJavier Tebas ukhala ngokuthi iPSG imosha ibhola lase-Europe ngokungalandeli imigudu efanele ngokusetshenziswa kwemali.
UMbappe wayelindelwe ukuthi ajoyine iReal Madrid kodwa waqoka ukuhlala kwiPSG, eyamnikeza inkontileka yeminyaka emithathu.
IMadrid neLa Liga bacasuka baqhuma, uTebas wathi isivumelwano sePSG noMbappe sifana nenhlamba ebholeni.
UMengameli weFrance Professional Football League (LFP) uLebrune samcasula isenzo sikaTebas, wakubeka obala ukuthi uziphathisa okwengane.
IFrance National Union of Professional Footballers (UNFP) noLebrune, ithi izinkulumo zikaTebas zibuhlungu, zinenzondo, azinaso isisekelo futhi ziyihlazo.
UTebas usephinde waphendula, wathembisa ukufaka iPSG eNkantolo ngoba esola leliqembu ngokungayilandeli imigudu efanele yokusetshenziswa kwemali.
“Sizofaka isikhalazo kwi-UEFA, sesiqedile ngokubhala incwadi. Angeke sigcine lapho, sizolibangisa eFrance. Sesibaqashile abammeli baseFrance sifuna kuphenywe ngendaba yePSG esigungwini esibheke esezimali.
Sizobeka Udaba ezinkantolo. Angeke sivumele iPSG imoshe ibhola lase-Europe,” kuchaza uTebas.
UTebas uthi iPSG isilahlekelwe imali elinganiselwa ku-€300-400 million kulamasizini amathathu adlule. Lombiko usuke waputshuka ephephandabeni laseFrance iL’Equipe.
“Kulonyaka iL’Equipe ikuvezile ukuthi iPSG izonyusa imali yeholo ngo-€600 million, kodwa isizini izoyiqeda isilahlekelwe u-€300 million. Kuvela nokuthi Izoqhubeka yenze inzuzo ukudlula iManchester United, Real Madrid neBarcelona, angikukholwa lokho.
Ukunyusa amaholo ngo-€600 million kodwa wenze inzuzo ukudlula IMadrid neBarcelona akukholakali. Nokwelula inkontileka kaMbappe khona lapho. Ngibona iqamba amanga ngabaxhasi noma izimali ezifakiwe zokuxhasa iqembu. I-UEFA kufanele iphenyisise.
Inkinga indlela abacabanga ngayo abaphathi baleliqembu, abaphezi ukuphula umthetho, abanayo indaba ngezimali eziphelayo. Bafaka imali abayithandayo, baqambe amanga ngabaxhasi ngoba baqhamuka nemali ka-oyela. Inkinga ileyo,” kusho uTebas.