UMengameli weCameroon Football Association (CFA) uSamuel Eto’o ubona izwe lakubo lingathola izifundo eqenjini le-Internaziole eladla I-UEFA Champions League ngesizini ka-2009/10 liphekwa uJose Mourinho.
U-Eto’o uthe iCameroon nayo ingakhala yemuke naleNdebe ezobe ibanjelwe eQatar ngoNovemba kulonyaka.
Lenkakha yaseCameroon yayiyingxenye yeqembu le-Inter Milan elanqoba iligi, inkomishi kanye neChampions League ngesizini ka-2009/10. Bashaya iqembu elalithwelwe ngeqoma iBayern ngo 2-0 kowamanqamu, okungamagoli avalelwa enethini uDiego Milito.
“Angiboni ukuthi yini engavimba iCameroon. Ngikholwa ukuthi kufanele uzilungisele ngokwanele, uqine ukuze uzonqoba iNdebe yoMhlaba. Kumele uhlanye kancane. Ngazinqoba izindebe nami ebholeni. Ngangizinikela,” kubeka u-Eto’o obehambele e-Italy ukuyohlanganisa umdlalo wobungani nezinkakha ayedlala nazo eminyakeni esidlulile.
Lenkakha yenze umzekelo ngobunzima eyayibhekene nabo I-Inter ngesikhathi inqoba iChampions League. Yashaya iChelsea, Barcelona kanye neCSKA Moscow endleleni ebheke kowamanqamu.
“Ngijwayele ukubeka umzekelo nge-Inter Milan. Akekho owayecabanga ukuthi singawina iChampions League kuleyasizini. UMourihno wenza izinto ezimangazayo, ehlome ngamasosha namadoda. Ngifisa ukuthi iCameroon ithole lokho,” kusho u-Eto’o.
ICameroon yenza ezibukwayo ngo-1990 ifinyelela kuma-quarterfinals eNdebe yoMhlaba. Lelorekhodi selaphenduka umlando njengoba I-Indomitable Lions isihluleke amahlandla ayisithupha ukudlula esigabeni samaqoqo. Ngonyaka ka-2010 no-2014, iCameroon yashaywa kuyo yonke imidlalo yamaqoqo.
ICameroon iqhathwe neBrazil, Serbia neSwitzerland kuGroup G.