UKeagan Dolly uthi yena nozakwabo balindele ukutshelwa izikhulu zeqembu mayelana nodaba lokushayela iMamelodi Sundowns ihlombe njengoba isiyinqobile iDSTV Premiership.
IKaizer Chiefs izobhekana neSundowns eFNB Stadium ngehora lesihlanu ntambama namuhla. UDolly uthi bazoyihlonipha iDowns njengoshampeni kodwa bazoqinisekisa ukuthi babuya namaphuzu amathathu Kulempelasonto.
“Ukushayela iSundowns ihlombe akusiyona inkinga kubadlali. Abaphathi abakhuluma leyondaba, thina sizolalela umyalezo wabo. Angeke sikunake lokho ngoba akusiwona umsebenzi wethu. Kufanele sigxile emdlalweni ukuze sizoba nethuba lokunqoba,” kusho uDolly.
Yize iDowns izofika eFNB ihambela phezulu, uDolly ugcizelele ukuthi bazogxila emdlalweni, bayifakele ukushisa iSundowns.
“Sebeyiwinile iligi. Kufanele singanaki iSundowns nalokho okwenzeka ngaphandle kwenkundla. Kumele sizimisele, sithole amaphuzu amathathu.
Igoli engalishaya sibhekene neGallants lashaya kuKhama layongena. Kuyenzeka uzikhandele inhlanhla. Angiwabheki amagoli noma amathuba engiwakhandile, nginaka ukudlala kweqembu. Uma iqembu lidlala kahle, kugqama abadlali. Kodwa libalulekile iqembu, kulandele umdlali eyedwa,” kubeka uDolly.
UDolly uthi ukuqeda isizini bengaqukulanga indebe kumphatha kabi kodwa unethemba ngekusasa. Ucele abadlali ukuba babhukule kulemidlalo esele.
“Ngiyazi ukuthi iChiefs iyiqembu elikhulu eNingizimu Afrika nasezwenikazi I-Afrika. Ngikhule ngiwumlandeli weChiefs, ngibukela umqeqeshi wethu u-Arthur Zwane enqoba iligi nezindebe. Ngiyawazi umlando weqembu, bekulindeleke ukuthi sinqobe izindebe kulesizini.
Asikaze sinqobe lutho kulesizini. Kunzima ukwamukela lokho ngoba sinabadlali abanohlonze eqenjini. Kuyenzeka ngizibuze ngokuzimisela kwami njengomdlali. Ekugcineni kudlala iqembu, hhayi mina ngedwa,” kubeka uDolly.