Unozinti weManchester City, u-Ederson, uthi uma ebuka isikwati abanaso kule sizini bangafinyelela kowamanqamu weChampions league, bayinqobe.
IMan City izobhekana neRB Leipzing namhlanje kowe-Round of 16 eRed Bull Arena Leipzig, eGermany, kumdlalo olindelwe ngabomvu.
Sekunesikhathi iCity izama ukunqoba lo mqhudelwano kodwa njalo kuhlale kuyibhedela. Nomqeqeshi wayo, uPep Guardiola ungaphansi kwengcindezi njengoba agcina ukunqoba iChampions League esaqeqesha kwiBarcelona.
Ekhuluma ngaphambi komdlalo wanamhlanje u-Ederson uthe kuyisifisio sabo ukunqoba lo mqhudelwano kule sizini.
“Iyonanto ehamba phambili esikhuluma ngayo. Sekunesikhathi sizama ukuyinqoba. Kulo nyaka angikungabazi nakancane ukuthi singafunyelela kowamanqamu. Siphethe isikwati esisezingeni eliphezulu futhi sikukhombisile ukuthi iqembu likhule kangakanani ngezicoco zePremier League nezinye izindebe.”
“Siyayidinga iChampions League njengabadlali, nomqeqeshi uPep naye uyadinga ukuyinqoba eqeqesha leli qembu. Sizozama ukuyinqoba nonyaka.”