IReal Madrid iphinde yashaya edume ngazo ixebula iLiverpool ngo 5-2 kumdlalo we-Round of 16 kwi-UEFA Champions League izolo.
ILiverpool ibihamba phambili ngamagoli amabili kulo mdlalo ngemuva kwegoli likaDarwin Nunez nelikaMoh Salah ngaphambi kokuthi ijikelwe yiMadrid njengotshwala esiswini. IMadrid ibuye ngamagoli amabili kaVinicius Jr esiwombeni sokuqala. Esiwombeni sesibili ishaye amagoli amathathu, amabili avalelwe wuKarim Benzema.
Ekhuluma ngaphambi komdlalo wayizolo umqeqeshi weLiverpool uJurgen Klopp ubezishaya isifuba ethi yasinda ngokulambisa iReal Madrid ngesikhathi begcina ukuhlangana nabo (kowamanqamu weChampions League ngesizini edlule).
Ekhuluma ngemuva komdlalo wayizolo uthe abadlali bakhe baphe iReal Madrid amagoli amahlanu.
“Besingenza kangcono kuwo wonke amagoli abawakorile. Kwelesibili nje kucacile ukuthi besingenza kangcono. Balinganise umdlalo ngendlela efanayo negoli lethu lesibili.
“Besingadlala kangcono emuva,” kusho uKlopp.
UKlopp uthe uyazi ukuthi umqeqeshi weMadrid, uCarlo Ancelotti, uzitshela ukuthi umdlalo usuphelile futhi naye njengamanje ucabanga kanjalo kodwa uthi kusangenzeka noma yini emlenzeni wesibili.
“Sidliwe ngo 5-2, nizibonele ukuthi bayashisa kwi-counter attack, kumele siyozama ukukora amagoli amathathu enkundleni yabo. Kuzoba nzima.”