Sphamandla Gumede

Umqeqeshi we-Arsenal uMikel Arteta unikeze abalandeli beqembu inhlansi yethemba ngesimo senkontileka entsha yomgadli uPierre Emerick Aubameyang.

U-Arteta uthi izingxoxo phakathi kweqembu nethimba lika-Aubameyang (31) zikhombisa ukuthi uzosayina maduze futhi i-Arsenal iyona ndawo emfanele lomdlali oselelwe unyaka owodwa kwinkontileka yakhe.

Lomgadli ushaye womabili amagoli behlula iManchester City ngo 2-0 emdlalweni owandulela owamanqamu weFA Cup eWembley ngoMgqibelo.

Ebuzwa ngesikhathi esibekiwe mayelana nokusayinwa kwenkontileka, u-Arteta uphendule kanje.

“Angazi kahle ngoba kunzima ukuthi nginqume isikhathi sokusayinwa kwenkontileka. Ngiyajabula indlela izingxoxo ezihamba ngayo. Ngiyathemba ukuthi iqembu no-Aubameyang bazofinyelela kwisivumelwano ngokushesha ukuze kuzojabula wonke umuntu. Ngiyathemba uzoyelula inkontileka yakhe,” kuchaza u-Arteta ephendula abeSky Sports News.

Lo mgadli useshaye amagoli awu-25 kuyona yonke imiqhudelwano kulesizini. U-Aubameyang ukleliswe endaweni yesithathu kubadlali abanamagoli amaningi kwiPremier League, njengoba eseshaye angu-20.

“Ngimbona ejabule futhi ekuthakasela ukudlala ibhola. Uhleli kahle kulelizwe (England) futhi nomndeni wakhe ujabule. Ngicabanga ukuthi uyabona indlela esimthanda ngayo futhi nabalandeli bamkhonzile. Ngikholelwa ukuthi usendaweni emfanele,” kusho lomqeqeshi.

I-Arsenal isidlala ibhola elihle nemiphumela emihle isiyavuma selokhu u-Arteta wabamba izintambo njengomqeqeshi maphakathi nesizini. Ama-Gunners ashaye iLiverpool kwiligi ngo 2-1 maphakathi nesonto eledlule.

Lomqeqeshi uthe uyathemba abaphathi beqembu bazomnikeza uxhaso lwezezimali ukuze ezothenga abadlali abadingakalayo ngesikhathi sokuvulwa kwewindi.

I-Arsenal izovakashela i-Aston Villa emdlalweni weligi namuhla ebusuku. Uma i-Arsenal iwina, izonyukela endaweni ka-8 kwiligi, okuwumphumela ongaqinisekisa ukuthi i-Aston Villa igawulwa yizembe.