Sphamandla Gumede 


Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs uRamahlwe Mphahlele usesayine inkontileka yeminyaka emibili kuleliqembu futhi usazimisele ngokulwela ijezi, ngokusho kwemenja yeqembu uBobby Motaung. 


UMphahlele (30) ubengeqiwa yijezi ngaphambi kokulimala okumhlalise isikhathi eside engadlali. Indawo yakhe igcine ivalwe uReeve Frosler owenza ezibukwayo kuMakhosi ophondweni lwesokudla emuva. 
UMotaung uqinisekise ukuthi uMphahlele welule inkontileka yakhe ngeminyaka emibili. 


“Uma ubuza ngoRama, uzohlala amasizini amabili kwiChiefs ngoba usayine inkontileka entsha. Uzizwa esekhaya futhi ujabule,” kuchaza uMotaung ecashunwa yiphephandaba iSowetan. 


Umqeqeshi weChiefs u-Ernst Middendorp ubeqoka ukusebenzisa uKgotso Moleko noNjabulo Bloem emuva uma uFrosler engadlali kulesizini. 


UMphahlele ubesenuka manambana kubalandeli beqembu, njengoba bebemsola ngokudlisela enkundleni. Lo mdlali ubesabonakale emidlalweni emibili kuphela kulesizini. 
UBobby uphinde waphendula ngodaba oluthinta abadlali beBidvest Wits, abamataniswa naleliqembu laseNaturena. Amahlebezi abezindaba aveza ukuthi Amakhosi azibheke ngoSfiso Hlanti noThabang Monare abasohlwini lwabadlali abadayisayo njengoba iWits idayisele iTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) isitifiketi sePSL. 


“Uma ngifuna abadlali beWits, kuzomele ngithathe oyedwa noma ababili ngesizathu sokubadinga. Kodwa ngokwesimo iWits ekuso, lokho ngeke kuyizuzise iChiefs. Kukhona abadlali esibabhekile kwiWits. IChiefs ifuna abadlali abasezingeni eliphezulu futhi sizobalanda uma bekhona emakethe. Okwamanje, sibhekene nezingqinamba eziningi,” kuchaza uBobby. 


IChiefs ihlawuliswe inhlangano yebhola iFIFA njengoba yatholwa inecala lokusayinisa umdlali uDax isebenzisa izindlela zomkhoshosho. Amakhosi asalinde isinqumo seCourt of Arbitration for Sport (CAS), esizophuma ngoSepthemba 9.