Umqeqeshi we-Arsenal uMikel Arteta uthi ingamampunge imibiko esabalele ekhomba ukuthi uzoshiya kuleliqembu uma kuphela isizini ka-2023/24.
U-Arteta ulibeke ngembaba elokuthi lemibiko iyamcasula.
Imibiko evele eSpain ngeSonto ibikhomba ukuthi u-Arteta uzolaxaza amaGunners ukuze ezojoyina iBarcelona ezoshiywa uXavi Hernandez ekupheleni kwesizini.
U-Arteta uthole ithuba lokuziphendulela ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo wePremier League neNottingham Forest.
“Lombiko ungamanga aluhlaza. Anginalo ulwazi lokuthi umbiko uqhamuka ngakuphi kodwa ungamampunge. Ngicasukile ngokushicilelwa kombiko.
“Angikholwanga ngizwa lendaba. Ngiyaxakeka ngoba nodaba alunawo umthombo othembekile. Kufanele kuqikelelwe uma kukhulunywa ngezindaba ezithinta impilo yomuntu.
“Ngisendaweni engifanele, ngisebenza nabantu engibathandayo. Ngizibophezele ekubeni yingxenye yeqembu. Kusekuningi okufanele sikuzuze sindawonye.
“Ngiyaqikelela uma ngikhuluma ngempilo yami esidlangalaleni. Kungiphatha kabi ukukhishwa kombiko ogcizelela ukuthi ngikhulume amagama engingakaze ngiwaphimise.
Thomas Partey is back in training 💪 pic.twitter.com/XzB05iyQVz
— Arsenal (@Arsenal) January 27, 2024
“Ngiyaqonda ukuthi lezinto ziyenzeka ebholeni kodwa akuzwakali kahle ukubona izindaba ezifana nalezi. Ngijwayele ukuyicacisa imizwa yami ngeqembu, yingakho ngicasukile,” kuchaza u-Arteta ecashunwa abe-ESPN Sport.
Inkontileka ka-Arteta izophela ngoJuni 2025, okuyisikhathi esilingana nonyaka.
“Ukuvuselelwa kwenkontileka kuzokwenzeka ekuhambeni kwesikhathi. Angiboni ngiqeqesha elinye iqembu. Ngisemusha ngokweminyaka, anginalo ulwazi ngekusasa,” kuchaza u-Arteta.