Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ubona kuyiMorocco kuphela engabanikeza ubunzima endleleni ebheke kowamanqamu we-AFCON 2023. 

IBafana izobhekana nezimfivilithi iMorocco emdlalweni we-last 16 ozobanjelwa eLaurent Pokou Stadium ngoLwesibili. 

UBroos uthi iBafana ingamangaza abaningi ngokushaya iMorocco. 

“Sinethuba elikhulu lokudlulela emdlalweni kowamanqamu uma singahlula iMorocco. Sizobe sihlule iqembu elisezingeni ngoba angeke sibhekane neqembu elikhulu emdlalweni olandelayo.

Uma iBafana idlulela kuma-quarterfinals, izobhekana neqembu elizonqoba emdlalweni weCape Verde neMauritania. 

“Angiyibukeli phansi iMauritania neCape Verde kodwa ukhona umehluko. Ukunqoba koweMorocco kuzosibeka eduze nombandela wokufinyelela kowamanqamu,” kuchaza uBroos ekhuluma nabezindaba. 

UBroos uthi imiphumela emangazayo ebonakale kule-AFCON imenza akholelwe ekutheni ezakhe zingawahlula ama-Atlas Lions. 

“IMorocco yadlala kwiNdebe yoMhlaba, ngicabanga ukuthi bayafuna ukuqukula i-AFCON ngoba kuyithuba lokugcina kubadlali bayo abadala. 

Abadlalanga ibhola elihle esigabeni samaqoqo kodwa iqembu labo liqinile. Umdlalo ungawinwa yinoma yiliphi iqembu, imiphumela eyenzeke kule-AFCON ithusile. Nathi singakwazi ukubathusa,” kuchaza uBroos. 

EzikaBroos zanqoba ngo 2-1 zigcina ukubhekana neMorocco emdlalweni wokuhlungela i-AFCON ngoJuni 2023. 

“Safunda okukhulu ngoba sakwazi ukubahlula. Izinto zazihluke kakhulu uma kuqhathaniswa nomdlalo owawubanjelwe eMorocco ngoba basihlula ngebhola enkundleni. 

IMorocco yasikhombisa kwiNdebe yoMhlaba ukuthi isezingeni eliphezulu. Izinto zajika sezibathela ngenduku eGoli yize babefake izethenjwa zabo. Siyakholelwa ekutheni singabahlula, sizobona ngoLwesibili,” kuchaza uBroos.