Umqeqeshi we-Arsenal uMikela Arteta uthi akukapheli ngephupho labo lokunqoba isicoco sePremier League kule sizini. U-Arteta uveze lokhu ngemuva kokunqoba ngo 3-1 bebhekene neChelsea koweligi izolo.
Ukunqoba lo mdlalo kubuyisele iGunners esicongweni, ihamba phambili ngamaphuzu amabili kodwa iManchester City isanemidlalo emibili esandleni.
Ekhuluma ngemuva komdlalo u-Arteta uthe kumjabulisile ukubona abadlali bakhe bebuyela ezingeni eliphezulu kulandela ukubhacaza emidlalweni edlule.
“Kusele imidlalo emine, siphezulu okwamanje. Ngeke ngibavumele abadlali bami ukuthi bakuthathe kancane ukuthi sihlale phezulu izinyanga eziyishumi siqhudelana neqembu elisezingeni eliphezulu, kumele sikujabulele lokho ngoba asazi kuzolandelani.
“Iqembu selibuyele ezingeni. Besifuna ukukhombisa abalandeli bethu ukuthi sisakulambele ukunqoba isicoco, ngikubonile lokho namhlanje.”
Brilliant support once again tonight, Gooners 🗣️ pic.twitter.com/vCl0DZQWWT
— Arsenal (@Arsenal) May 2, 2023
IMan City izothola ithuba lokubuyela esicongweni namhlanje njengoba izobhekana neWest Ham ngo-9 ebusuku.
Kwimidlalo esele i-Arsenal isazobhekana neNewcastle United, Brighton & Hove, Nottingham Forest neWolves.