Umethuli wezinhlelo opined abe wumsakazi, u-Anele Mdodam utshele abalandeli bakhe enkundleni yokuxhumana i-Twitter ukuthi ukujabulele ukujoyina iSupersport.

Izindaba zokuya kwakhe kwaSupersport zidalulwe wuPhil Mphela kuleli sonto.

U-Anele ukuqinisekisile loku ekhasini lakhe. Uzothula uhlelo i-Super Saturday kanti uzobe elwethula nenkakha uNeil Andrews, Ayanda Thabethe, Thato Moeng kanye noMatshidiso Mohono. 

Ebhala ekhasini lakhe uthe: “kuyiqiniso iSuper Saturday ibuyile futhi ngijabule ukuthi ngibe ingxenye yaloluhlelo oluyingqophamlando kwezemidlalo. Uhlelo lwethu lokuqala luzobe likwi Durban July. Angisakwazi nokulinda futhi ngizophusha ukuthi kwengezwe ne-netball.”