Unozinti uDaniel Akpeyi uthi usesamukelile isimo sokuchithwa kwiKaizer Chiefs, kodwa usanethemba lokubuya eqenjini esebenze kwezinye izinhlaka.

U-Akpeyi (35) ubevele ezophelelwa inkontileka ngomhlaka 30 Juni 2022 kodwa iChiefs iqoke ukungamgcini eNaturena. Ubesohlwini lwabadlali abalishumi abachithwe iChiefs emasontweni amabili adlule.

“Kuyinto engiyijwayele ukushintsha amaqembu. Angiphathekile kabi. IChiefs ibifana nomndeni kimi. Besiphilisan kahle. Ngiyathemba ukuthi ngizobuya ngolunye usuku ngoba iqembu selifana nomndeni kimi,” kubeka u-Akpeyi ekhuluma nabeSowetan.

Uthi ubelindele ukudedelwa kwiChiefs, akananxa nesinqumo sabaphathi

“Bengikulindele ukungavuselelwa kwenkontileka yami kwiChiefs kodwa benginethemba lokugcinwa eqenjini. Kufanele nginake umsebenzi wami, ngiyeke ukucabanga ngekusasa,” kusho u-Akpeyi.

Lonozinti ufike eNaturena ngo-2019 esuka kwiChippa United. Udlale emidlalweni engu-69, wangenelwa amagoli angu-61. Uqede imidlalo engu-27 engadedelanga igoli lingene kuye. U-Akpeyi uthi bekufanele enze kangcono kwiChiefs.

“Amagoli engiwadedelile Maningi kakhulu. Bengingenza kangcono ngokunganelwa amagoli amaningi kodwa ngisaziqhenya ngokudlalela iChiefs nokusiza lapho bengidingeka khona,” kusho lonozinti.

U-Akpeyi ukhonjwa kwiSekhukhune United ebumba kabusha iqembu langesizini ka-2022/23.

“Alikho iqembu esengivume ukukijoyina. Ngikhuluma namaqembu ahlukene, nayo ISekhukhune ikhona ezingxoxweni. Angikhethile. Noma ngingahlala kwiPSL akunankinga, nokubuyela eNigeria akusiyo inkinga,” kubeka lonozinti.