ULorenzo Gordinho uzoshiya ngokusemthethweni kwiViborg FF yaseDenmark uma sekuphele inyanga kaJuni 2022.

UGordihno (28) usehlale iminyaka emibili kwiViborg ebimkhuhlisa ngebhentshi. Lomdlali utshele imenenja yakhe uMike Makaab ukuthi imzamele umsebenzi ngapha eNingizimu Afrika.

Lomdlali oyibamba emuva, ugcine ukudlala kwiDSTV Premiership esagijima kwiBidvest Wits eseyadayiswa yaphela. Wayekade esuka kwinkulisa yeKaizer Chiefs.

UMike Makaab uhlebele abeSABC Sport ukuthi lomdlali ufuna ukuthola iqembu uma sekuvulwa iwindi lokubhalisa abadlali ngokusemthethweni ngomhlaka 1 kuJulayi.

“Isiphelile inkontileka kaLorenzo. Angiboni bezoyelula kwiViborg. Sesibheka amaqembu eNingizimu Afrika bakhona phesheya kwezilwandle. Akanankinga ngokubuya ekhaya kodwa uzimisele ngokuhlala e-Europe uma kuneqembu elibeka imali ezwakalayo etafuleni,” kusho uMakaab.

UGordihno udlale eqenjini lama-amesha kwiViborg esafika, wakhuphukela eqenjini elikhulu ngokuhamba kwesikhathi. Bekunzima ukuthola isikimu njengoba ebedlaliswa endaweni yesitobha nasophondweni lwesokudla emuva.

“Angeke ngikuchazele ngembangela yokungalungi kwezinto eDenmark. ULorenzo uyakwazi ukudlala endaweni yesitobha nasophondweni lwesokudla emuva. Kunzima ukuthola isikimu endaweni eqondile uma iqembu libona ukuthi ukwazi ukudlala izindawo ezimbili.

Ubonakala ungumdlali ongasebenziseka ezindaweni ezahlukene, uyafakwa esikimini uma kushoda abadlali basenkabeni yesisu nasophondweni lwesokudla emuva. Lokho kudala ukuthi ungabo nendawo eqondile eqenjini. Yilokho okwenzeke kuLorenzo.

Ucelwe ukuba adlale ezindaweni ezahlukene, wamelana nengcindezi kodwa kunzima ukuthola isikimu endaweni eyodwa. Kunzima kuyena, lokhu kuyenzeka ngisho ebholeni lombhoxo,” kubeka uMakaab.