Umgadli we-Orlando Pirates uTerrence Dzvukamanja uzoqhubeka nokuba yingxenye yeqembu kulesizini ngemuva kokusinda ngokulambisa kubadlali abachithiwe.

IGibela Sport isithole ukuthi uDzvukamanja akananxa nokuhlala kwiBucs ngoba akajahile ukuhamba.

Inkontileka kaDzvukamanja iyoze iphele ngomhlaka 30 Juni 2023, okuyisikhathi esiyisizini eyodwa kuphela eMayfair. Lomgadli uyingxenye yeqembu elilungiselela ukuqala kwesizini ka-2022/23 e-Orlando.

IPirates ibisikaza ukumdedela uDzvukamanja kodwa kwasiza ukungavela kwamaqembu abezimisele ngaye. Wayefake ohlwini lwabadlali ababolekiswayo benoTshegofatso Mabasa, Nkanyiso Zungu noBongani Sam kodwa kwabheda.

IBucs inabadlali abayisithupha abanobuzwe bangaphandle kuyimanje. Kukhona uBienvenu Eva Nga, Richard Ofori, Kwame Peprah, Olisa Ndah, Dzvukamanja noDeon Hotto.

UHotto usehlale iminyaka eminingi kuleli, okumenza akulungele ukubhaliswa njengomdlali wakuleli kuPSL. Upotsho omncane ozotholwa uDzvukamanja osebalelwe izinsuku kwiBhakaniya.