Kwezithinta ukudayiswa nokuthengwa kwabadlali kuleli sonto sizoqala ngodaba lukaCristiano Ronaldo ozimisele ngokubuyela e-Europe ngesizini ezayo. 

Izinto azimhambeli kahle uRonaldo kwi-Al Nassr eSuadi Arabia futhi nobudlelwano bakhe nabalandeli beqembu bubukeka buzoshuba uma leli qembu lizohluleka ukunqoba isicoco abasigcina ngesizini ka-2018/19. 

Njengoba kuvela izindaba zokungenami kwakhe eSaudi, abaningi bakholwa wukuthi lo mdlali ubheke kwiNewcastle United osekuqala ukucaca ukuthi izobe idlala kwi-UEFA Champions League ngesizini ezayo. Umqeqeshi weNewcastle United kodwa, u-Eddie Howe, uthi kungamampunge ukuthi ufuna ukusayinisa lo mdlali. Uthi uhlelo abalulandelayo kwiNewcastle aluhambisani nokusayinisa abadlali asebekhulile, kunalokho bafuna abadlali abasafufusa.

Ngeke isigcine isigxobo esiwuWeghorst iMan United 

Umqeqeshi weMan United u-Erik ten Hag kubikwa ukuthi usenqume ukungamgcini umkhaya wakhe uWout Weghorst obolekwe kwiBurnley ngoJanuary. 

Lo mgadli unamagoli amabili emdlalweni ewu-22 kuyo yonke imiqhudelwano kwi-United. Abahlaziyi abaningi abayizwa eyokudlalela kwakhe i-United kangangokuba ngisho inkakha ye-United, uPaul Scholes, yathi kufana nokuthi idlala ngabadlali abayishumi uma esenkundleni. 

UTen Hag kuthiwa usebongile njengoba ezothola imali yokubheka umgadli uma kuphela isizini. Empeleni i-United idinga abagadli ababili kodwa kungenzeka iqale ngokusayinisa oyedwa bese ilandela ngomunye futhi uma kuphela isizini ka-2024/2025.

‘AwePremier League kuphela angakwazi ukusayinisa uNeymar’

Kuvela ukuthi amaqembu ePremier League kuphela angaba nemali yokusayinisa isibabuli somdlali waseBrazil, uNeymar. 

Ngokombiko kaJulien Laurens we-ESPN, iPSG iqale ukuzama ukudayinisa uNeymar ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023 kwangaphumelela. Izophinde izame futhi njengoba sekucacile ukuthi abakwazi ukudlala ndawonye benoKylian Mbappe abasazama ukumgcina. 

Kumaqembu ePremier League angakwazi ukusayinisa uNeymar kusavela igama leChelsea kuphela.

I-Aston Villa ifuna ukuqinisa ngabadlali abathathu

Ngokombiko weTelegraph iqembu elivutha lingabaselwe kulezi nsuku, i-Aston Villa, ihlela ukusayinisa abadlali abathathu uma kuphela isizini. Leli qembu elivuswe ukuqashwa kuka-Unai Emery kuthiwa lifuna umgadli weJuventus uDusan Vlahovic futhi lingamthola ngoba iJuve inenkinga yezimali. Ifuna uVlahovic nje kunemibiko yokuthi angase ahambe u-Ollie Watkins.

Omunye umdlali ofunwa yiVilla wuFerran Torres weBarcelona. Njengoba iBarcelona isanenkinga yezimali ihlela ukumdayisa lo mdlali, ilande abanye ezobathola mahhala. 

IVilla kuthiwa izozama nokusayinisa umdlali we-Arsenal oselizwa ngendaba ijezi, uKieran Tierney.