Umqeqeshi omusha waMaZulu FC, uRomain ‘Fohloza’ Folz uthi bazoyishaya iKaizer Chiefs kwisemi-final yeMTN8 ngeSonto ngo-15:30 ntambama.
UFohloza uveze lokhu ngemuva komdlalo ophele ngo 1-1 bebhekene neMaritzburg United ngoLwesithathu ntambama koweDStv Premiership.
“Angikanqobi, ngisathole inqwaba yama-draw. Uma sibuyela kumdlalo weGallants wokugcina, sangenelwa yigoli ngomzuzu wokugcina sibhekene neRoyal AM, kumdlalo wayizolo sithole ikhadi elibomvu. Kumdlalo wePirates kuningi okwenzekile…kodwa ngiwumuntu okholwa ukuthi uma uqhubeka usebenza ngokuzikhandla ugcina usukuzuza okufunayo,” kusho uFolz.
“Engingakuqinisekisa nje ukuthi sizokwenza konke okusemandleni kumdlalo weChiefs. Sibonikeza umdlalo onzima, sizobe sidlalela ukuqoba futhi sizonqoba siyodlala kowamanqamu.”