Umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, usebuze ukuthi bajeziswa nini onompempe beSouth African Football Association ngamaphutha abawenzayo kwibhola lakuleli.

URamavic usole unompempe ngokwenza iphutha nge-free kick egcine ivalelwe wuKeagen Dolly eFNB Stadium ngoLwesithathu. Umdlalo weTS Galaxy neKaizer Chiefs ugcine uphele ngo 2-2 ngenxa yegoli likaDolly.

“Angifuni ukwenza izaba ngoba iChiefs bekuyifanele ukubuya kulo mdlalo, badlale kahle bakha amathuba, ekugcine bathole isipho.

“Umbuza wami nawu kodwa…uma umqeqeshi enza iphutha elikhulu noma elincane engaxoshwa angithi? Uma umdlali enza iphutha, naye engalahlekelwa umsebenzi. Kwenziwani uma unompempe enze iphuthu? Akwenziwa lutho.”

“Sidinga ukukhuluma ngalento, sekukaningi ngiyiphakamisa, futhi angifuni ukukhomba umuntu oydwa, engikucelayo nje ukuthi benze kangcono ngoba ayiqali namhlanje le nkinga,” kusho uRamovic.