Sithuse abaningi isinqumo seChelsea sokudedela umqeqeshi uMauricio Pochettino obesejike izinto kuleli qembu kulandela ukuqala ngebatha kwiPremier League ngesizini ka-2023/2024.
Ngokwesitatimende seChelsea esishichilelwe ngoLwesibili, bavumelene noPochettino ngokunqamula inkontileka yakhe.
Imibiko esiyidonsa kumaphephandaba ase-UK namhlanje ekuseni nokho ikhomba ukuthi kube nokungaboni ngasolinye ngokuphathwa kweqembu. Kuvela ukuthi uPoch ubengayizwa eyokutshelwa ngame sporting director, efuba kusetshenziswe ama-specialist ukuze iqembu lidlale kangcono.
Isibonelo esenziwe nje wukuthi abaqondisi bebhola kwiChelsea, okunguLaurence Stewart noPaul Winstanley, bafuna kuqashwe iset piece coach, njengoba kwenza i-Arsenal (okuyisizile kule sizini), kodwa uPoch akayizwa leyonto yena. Amanye ama-specialist asevamile kulezi nsuku abhekana nokuqinisa abadlali la abashoda khona, kungaba uku-controlla ibhola kangcono, noma ukukhahlela kangcono.
KwiCarabao Cup, iChelsea yadliwa kowamanqamu nge-corner, okuthiwa kwacasula abaqondisi bebhola osekunesikhathi befuna ukuqasha ama-set piece coach.
Kuvela lolu daba nje umqeqeshi omusha weLiverpool, u-Arne Slot, ufike wacela iset piece coach kuleli sonto.
ENingizimu Afrika uRulani Mokwena naye ulande uMichael Loftman wamenza umqeqeshi wamaset piece, okubeka ngokusobala ukuthi sekuqala ukuba yinto ejwayelekile ebholeni.
Emasontweni ambalwa edlule uPoch uke wakhala ngebhola elidlalwa ezakhe wathi noma sezijikile izinto abadlali ibhola ayelidlalisa kwiTottenham nakwiPSG.