Umqeqeshi weBarcelona uXavi uthi kubathikamezile abadlali ukuphuma kwabo kwi-UEFA Champions League ngaphambi komdlalo wabo neBayern izolo ebusuku.

IBarcelona ingene enkundleni sekuvele kuqinisekisiwe ukuthi iyoncintisana nabanye kwi-Europa League njengoba izophelela kunombolo 3 kuGroup C.

Ekhuluma neMarca ngemuva komdlalo uXavi uvumile ukuthi kubehlisele ukuzethemba ukubona i-Inter ivithiza iViktoria Plzen abebenethemba lokuthi ingabuya ne-draw okungenani. IBarcelona igcine ishaye ngo 3-0.

“Namhlanje sihlulekile ukufinyelela ezingeni labo. EMunich sadlala kangcono kunabo kodwa namhlanje basihlulile. Ukuphuma (kwi-UCL) kusithikamezile ngokomqondo. Kusasa sizojima sicabange ngeLaLoga. Kuningi obekulindelekile kuleli qembu kodwa iqoqo esingene kulo belinzima. Asidlalanga kahle namhlanje,” kusho lo mqeqeshi.