UCedric Kaze, ongomunye wabaqeqeshi ababambile kwiKaizer Chiefs njengoba kusamiswe uNasreddine Nabi uthi iqembu lisazodlala kangcono uma sekubuye abadlali abalimele.
Amakhosi azibekisele indawo kwi-round yesibili yemidlalo yokuhlungela isigaba samaqoqo ngemuva kokukhipha iKabuscorp ngo 5-4 umdlalo kade uphele zibambene ngo 1-1 (aggregate).
“Siye kulo mdlalo kunabadlali abambalwa abalimele nabanye abangakabhalizwa. Ukufinyelela kwethu esigabeni sesibili kusho ukuthi sizodlala kuso sinabadlali abangeziwe esingakwazi ukubasebenzisa. Ngikhuluma ngoMako, Monyane, Ndlovu…okuzosenza sidlale kangcono,” kusho yena.
Lo mqeqeshi odabuka eBurundi uqhube wathi ngokubona kwakhe badlale kangcono kuneKabuscorp futhi bekufanele baqede ngayo esiwombeni sokuqala.
“Siwatholile amathuba okokura siqede ngomdlalo, ngeshwa sigcine sesiya kumapenalty. Esiwombeni sesibili besinokutatazela kancane, kunezikhathi la ebesingadlali kahle khona, kodwa wonke umuntu wenze konke okusemandleni, sijabule sidlulele esigabeni esilandelayo.
“Esikufundile kulo mdlalo ukuthi kufanele sikhombise isibindi nokuzethemba kusukela emlenzeni wokuqala.”
Ekhuluma ngabadlali abalimele uKaze uveze ukuthi uKhanyisa Mayo, Godspower Ighodaro noLebohang Maboe bayoze balungele ukudlala uma sekuqala isigaba samaqoqo kwiCAF Confederations.
NgoLwesithathu Amakhosi azobhekana naMaZulu koweBetway Premiership. Lo mdlalo uzonikeza abaqeqeshi beChiefs ithuba elihle lokuvivinya izinga lesikwati njengoba Usuthu lukhombisa ukuqina kule sizini.