Owayengumdlali weKaizer Chiefs neMacarthur Bulls uKearyn Baccus udedelwe ngesexwayiso waphinde wahlawuliswa imali esondele kuR200,000 ngecala elithinta ukubheja okungekho emthethweni, phecelezi imatch fixing.
Lo mdlali nozakwabo kwiMacarthur Bulls uClayton Lewis bagwetshwe ngendlela efanayo ngaleli cala. Laba badlali bathola amakhadi aphuzi ngamabomu, bathola imali ebalelwa kuR172,000, okuyimali inkantolo enqume ukuthi kufanele bayikhokhe njengesijeziso.
Laba badlali kuthiwa bebeyingxenye yeqoqo ebelihlanganisa ngowayengukapteni weBulls u-Ulises Davila, obhekene noxhaxha lwamacala athinta imatch fixing e-Australia.
UBaccus, odedelwe yiChiefs ngoJune 2022, akasalidlali ibhola, useshayela amaloli e-Australia njengoba eseneminyaka ewu-34. Inkantolo imyalele ukuthole usizo ngoba kuthe uma kuphenywa kwavela ukuthi ngathi unenkinga yokugembula.