Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena ufuna kuphenduke injwayelo ukunqoba iCAF Champions League eChloorkop.
UMokwena uveze lokhu ngaphambi komdlalo weSundowns neCR Belouizdad kwi-quarterfinal yeChampions League kusasa eStade Nelson Mandela. EzikaMokwena zingaphansi kwengcindezi ukunqoba lo mqhudelwano kulandela ukunconywa ezwenikazi lonke ngokudlala ingcwenga yebhola.
Okuthayisela ingcindezi kwiSundowns ukukhishwa kwayo kwiNedbank Cup, okusho ukuthi ngeke isazivikela zonke izindebe ezinqobe ngesizini edlule.
UMokwena nokho uzwakala eyamukela le ngcindezi.
“Sifuna kube yinjwayelo ukunqoba iCAF Champions League,” kusho uMokwena ecashunwa yiSuperSport Football.
Ekhuluma ngokulungiselela lo mdlalo uMokwena uthe konke kuhamba kahle.
“Akumele sicabange ngokunye ngaphandle kwalo mdlalo ngoba sibhekene neqembu elihle elaziyo lizobe libhekene nelinye iqembu elidlala kahle. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi sikhombisa izinga elilindelekile.”