Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi ukhathazekile ngokuhluleka kwezakhe ukuvala thaqa emuva kulandela ukushaywa ngo 1-0 bebhekene neSekhukhune United ngeSonto.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uZwane uthe ubenethemba lokuthi bazokora kuqala ukuze kuzoba wumdlalo ovulekile. ISekhukhune imoshe izinhlelo zakhe idabula inethi kungakadluli ngisho imizuzu emihlanu uqalile umdlalo, igoli livalelwe wuSammy Seabi.
“Bekubukeka sengathi sizokora kuqala kodwa balishaye kuqala igoli nge-counter attack, ngemuva kwalokho bavele bazihlalela emuva. Kudingeke ukuthi sigembule ngokufaka abadlali abahlaselayo ngethemba lokuthi sizothola igoli sibuye emdlalweni kodwa akwenzekanga,” kusho uZwane.
UZwane uqhube waveza ukuthi iyamkhathaza eyokungenelwa amagoli.
“Ngingathanda ukuthi senze kangcono emuva kodwa yinto esizoqhubeka sizame ukuyilungisa. Naphambili asiwakhanga amathuba anele ukuzibuyisa emdlalweni.”
IChiefs izobhekana neChippa United koweDStv Premiership ngoLwesine.