Umqeqeshi weManchester United u-Erik ten Hag uthi yonke imidlalo ebasalele kule sizini bazoyithatha njengomdlalo wamanqamu ngemuva kokudlulela kuma-semi final eFA Cup ngeSonto.

IMan United iginqe iLiverpool ngo 4-3 kwi-extra time, yaqhathwa neCoventry ekhiphe iWolves kwanxapha amaphanta ngoMgibelo.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uTen Hag uncome ezakhe ngokulwela iwin, wathi abalona iqembu elilula.

“Sisaqhubeka nokulwa. Sike sakude netop 4 phambilini kodwa siseduzane manje futhi imdlalo ekanje iyayoguqula isizini yakho.

“Siyifakela ingcindezi i-Aston Villa neSpurs, noma silahle amaphuzu. Kusukela ngoJanuary siyawina, wonke umdlalo ungowamanqamu manje. Sishayiwe sibhekene neFulham, okungamele siyivumele iphinde yenzeke. Sifuna ukungena kwiChampions League sinqobe nezindebe,” kusho uTen Hag.

Lo mqeqeshi uncome abadlali abangene besuka ebhentshini esiwombeni sesibili ngokushintsha umdlalo sebethi badliwe njengoba iLiverpool ibihamba phambili ngo 2-1 usuyophela umdlalo.