Umdlali weMamelodi Sundowns uGaston Sirino usephawule ngokubuyiswa ezinhlelweni zeqembu yize bekubukeka ezoshiya eChloorkop ekuqaleni kwesizini.
USirino ubonakale okokuqala kulesizini iDowns ikhishwa yiTS Galaxy kwiCarling Knockout.
USirino washukumisa umdlalo esuka ebhentshini, wavalela igoli lokulinganisa esikhathini esengezwe unompempe. Lomdlali wavalela enethini nephenathi ayikhahlela sekuphele i-extra time.
Lomdlali uqhubeke nefomu yakhe emdlalweni womlenze wokuqala weCAF African Football League bedlala nePetro de Luanda. Wangena esuka ebhentshini, waphasa ibhola elaqedelwa uThapelo Maseko.
NgoLwesibili, uSirino (32) unikezwe ithuba lokuqala umdlalo.
“Ngiyajabula ngokubuya eqenjini, ngigqoke nejezi ngokuzigqaja. Ngidlule esikhathini esinzima kodwa sengikudlulise okwenzekile.
Ngiyathemba sizokwazi ukunqoba lezicoco ezisele. Ubunzima umdlalo namuhla ngoba besishoda ngomdlali oyedwa kusukela ngomzuzu wesibili. Bekufanele sizikhandle, ngiyaziqhenya ngozakwethu.
Bekufanele siqinise yize bekunzima. Bekudingeka siwine ngoba besidlala ekhaya kodwa akwenzekanga. Siyincengile enkundleni yize besishoda ngomdlali oyedwa.
Ngiyabonga ukwesekwa yize sekunesikhathi eside ngingadlali. Sizoqhubeka nokulwa ngoba kusekuningi esizokulwela,” kuchaza uSirino ecashunwa yi-website yeqembu.
USirino unemidlalo engu-179 kumaBrazilians kusukela awajoyina ngo-2018 esuka kwiBolivar.